Umkhumbi wokudweba uvamise ukuba ufakelwe izinto ezizosetshenziselwa ukudweba noma okunye okuhambelana nalokhu. Umkhumbi ubandakanya onke amagiya , imishini esetshenziswayo , indawo yokugcina, impahla, kanye namafutha okuqhuba umkhumbi ngaphakthi komkhumbi. Umkhumbi wangaphakathi ungabandakanya noma yimuphi omunye umkhumbi owodwa noma ngaphezulu eselwandle ekwenzeni imisebenzi ehambelana nokwedweba.
Akukho umuntu ongavunyelwa ukusebenzisa umkhumbi wokudweba, noma yimuphi omunye umkhumbi ukusebenzisa ilungelo lokufinyelela ngaphandle kokuba kukhishwe ilayisense, ehambelana nemvume uma umnikazi womkhumbi enelayisene yelungelo lokudweba. Uma umnikazi womkhumbi engenalo ilungelo lokudweba, kumele kube nekontraki yokusebenzisa lowo mkhumbi.
Thola ifomu lesicelo kwaboMnyango wesimo seNdalo nezokuVakasha.
Kumele ube ngonelungelo lokudweba . Uma ungeyena umnikazi welungelo lokudweba onomkhumbi, kumele ufakele, noma ubandakanye ikontraki, oyiphethe nomnikazi womkhumbi ukusebenzisa lowo mkhumbi lapho ufakele isicelo selayisense yomkhumbi.
Gcwalisa ifomu ngokuprinta ngokusebenzisa amagama amakhulu kuphela, kanye nokubhala incazelo yesidingo lapho kufanele.
Khombisa ubude besikhathi sokusebenza kwawo kanye nesicelo somkhakha wokudweba lapho lowo mkhakha ohlose ukusebenza khona.
Iisicelo singathatha izinsuku ezintathu zokusebenza noma ngaphezulu kwazo, kuye ngokuthi isicelo sefakwe ngokulandela inqubo efanele.
Izindleko ziyehlukahlukana kuye ngobude bomkhumbi.
